Bazobuyiselwa emsebenzini abakwa-MTN

2012-10-05 16:21

Johannesburg - Inkampani yezokuxhumana yakwaMTN seyiyalelwe ukuthi ibuyisele abasebenzi abayisishiyagalolunye, abaxoshwa ngenyanga kaSepthemba ngonyaka owedlule, kusho inyunyana iCommunication Workers' Union.

Abaxazululi bezindaba zabaqashi nabasebenzi iCommission for Conciliation, Mediation, and Arbitration itshele le nkampani yomakhalekhukhwini ukuthi ayikhiphe isinxephezelo sezinyanga eziyi-12, inike abasebenzi abaxoshwa.

"Inkampani yaxosha laba basebenzi ithi baqamba amanga bethi bangaphansi kwenyunyana i-CWU, baphinde banyuselwa amaholo bathola nemihlomulo ngendlela engumgunyathi, phakathi kuka-Ephreli, Meyi nangoJuni ngo-2010."

Inkampani yabeka kambi abasebenzi, nokwenza kwaba nzima ukuthi baqashwe ngeziye izinkampani.

Inyunyana i-CWU yaphikisa lokhu kuxoshwa kwabasebenzi, abakwa-MTN bebengakatholakali ukuthi baphawule ngalolu daba.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-15°C Numerous showers. Morning clouds. Cool. Pta: 12-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 7-19°C High level clouds. Mild.
Dbn: 17-35°C Showers late. Afternoon clouds. Hot. PE: 14-21°C Partly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...