Bazobuyela ejokeni abasemapulazini

2013-01-22 14:06

Johannesburg - Balinganiselwa ku-1 500 abasebenzi abatelekile basemapulazini okulindeleke ukuba babuyele amsebenzini eDe Doorns kulelisonto, kusho inyunyana iFood and Allied Workers' Union (Fawu) ngoLwesibili.

Cape Town - UNobhala Jikelele wayo uKatishi Masemola uthe sebeceliwe abasebenzi ukuba babuyele emsebenzini ngoLwesithathu ekuseni, njengoba kusaqhubeka izingxoxo zamaholo.

"Sicela bonke abasebenzi abanesifiso sokubuyela emsebenzini ukuba bavunyelwe nalabo abahlala emapulazini bavunyelwe ukuba babuyele ezindlini zabo. Ngamafuphi nje, asikho isisebenzi okumele sixoshwe futhi bonke abaxoshiwe kumele bakuthathe njengento engekho lokho."

UMasemola uthe isinqumo sithathwe emhlanganweni omkhulu obungoMsombuluko ebusuku.

Abasebenzi basemapulazini eWestern Cape bangenele isiteleka ngonyaka odlule, bafuna ukuhola u-R150 ngelanga njengoba behola ku-R69 ngelanga.

Isiteleka samiswa ngoDisemba, kodwa saqala phansi cishe emasontweni amabili edlule ezindaweni ezahlukene esifundazweni.

Sekube nokushayisana mayelana nokumele kwenzeke njengoba phakathi kwezinye izinyunyana kanye nabaholi bomphakathi kukhona abathi asimiswe isiteleka nabathi asiqhubeke kuze kube abasebenzi bayakuthola lokho abakufunayo.

Ebuzwa ukuthi iFawu isicelo sayo izosidlulisela yini nakwezinye izindawo, uMasemola uthe kuzoya ngokuthi abasebenzi bathini bona.

"Inkinga bekungukuthi kuphuma imiyalezo eyahlukene futhi baningi abakhulumayo. Lokhu kwenza badideke abantu. Kuzomele siqale sihlangane namalungu ethu kulezo zindawo," usho kanje.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-20°C Sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-18°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. PE: 12-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...