Bazifunela imali abantu ngokhisimusi - Ucwaningo

2012-12-14 16:27

Cape Town - Okungenani u-60% wabantu baseNingizimu Afrika uhlela ukusebenzisa imali engatheni, ukuthenga izipho, ngalesi sikhathi samaholidi kaKhisimusi.

Lokhu kuvezwe ngumbiko wocwaningo lwakwaDeloitte.

Ucwanigno luthi abantu bangajabulela kakhulu ukuthola imali, kube yisona sipho sabo sikaKhisimusi.

Kuvele ukuthi u-41% wabantu uzothola kuphela izinto ezingabizi kangako, ezifana noshokholedi, i-CD, incwadi noma okuthile kokuzicwala.

U-24% wabantu uthe ungakujabulela ukuthola iselula yohlobo oluphambili noma i-computer eyi-tablet.

Kuvele ukuthi abaningi bazothola imali engaphansi kwaleyo abayenze ngonyaka ofile, nokho bathe bazimisele ukuqinisa kakhudlwana ekuthengeni ukudla.

Abantu abaku-80% bathe bazonciphisa ezintweni zobumnandi.

"Abantu baseNingizimu Afrika babhekene nezingqinamba ezihlanganisa ukumba eqolo kwempilo yonkana, imfundo iyabiza nezinye izinto eziningi,” kusho isikhulu sakwaDeloitte uRodger George.



 


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- Finance24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 12-26°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-20°C Sunny. Mild. Bloem: 9-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-18°C Showers early. Decreasing cloudiness. Cool. PE: 11-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...