Bavulelana amacala abakwa-SAA

2012-10-09 10:06

Johannesburg - Ummeli waloyo owabe eyisikhuku enkampanini yezindiza i-SAA uKhaya Ngqula, usetshele loyo owabe engusihlalo uCheryl Carolus, ukuthi uhlela ukumvulela icala lokwehlisa isithunzi.

Iphephandaba iBusiness Day libike ukuthi uNgqula uzofuna ukukhokhelwa isamba esingu-R40 million, njengenhlawulo yokwehliswa isithunzi.

Ummeli uThemba Langa utshele iphephandaba ukuthi bazovula icala.

Kuthiwa lokhu kuza ngemuva kokuthi uCarolus - oshiye emsebenzini ngesonto eledlule, watshela leli phephandaba mhlaka-30 Septhemba, wathi ibhodi yakwa-SAA ikwazile ukulwisana nobugebengu, ukuncintisana, inkohlakalo kanjalo nokukhwabanisa okwabe kuqalwe ngabaphathi bangaphambilini.

Incwadi ebhalelwe uCarolus ngu Langa ithi: "Ngokubona kwethu, uma usho abaphathi baphambilini usho abaphathi abakade bephethwe yikhasimende lethu uNgqula."

ULanga uthe uCarolus unikwe kuze kube nguLwesibili ukuthi aphendule ngalolu daba lokuhlawula u-R40 million.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

  Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Mostly sunny. Cool. Pta: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-21°C Sunny. Mild. Bloem: 3-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-21°C More sun than clouds. Cool. PE: 11-17°C Scattered showers. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...