Bavalelwe ngaphandle eMedupi - Numsa

2013-02-26 14:03

Johannesburg - Akukho siteleka esiqhubeka esiteshini sokuphehla ugesi eMedupi, eLephalale, nokho kunabasebenzi abavalelwe ngaphandle kusho inyunyana iNational Union of Metalworkers of SA (Numsa).

"Amalungu ethu avalelwe ngaphandle. Asikho isiteleka, nina bantu bezindaba nilokhu nithi kunesiteleka," kusho umgqugquzeli enyunyaneni uStephen Nhlapo.

Mhlaka-16 Januwari, kwama nse ukusebenza esiteshini iMedupi, kulandela ukungaboni ngaso linye ezintweni ezimayelana namaholo namabhonasi.

Kwaboshwa abasebenzi abangu-46, ngesikhathi kuqala umbhikisho mhlaka-15 Febhuwari.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Hangwani Mulaudzi uthi ababhikishi bashisa imoto yakwa-Eskom baphinde balimaza imoto yamaphoyisa.

Abakwa-Eskom baphoqeka ukuthi bamise ukusebenza ngesikhathi abasebenzi abayitoho bengena esitelekeni, kulindeleke ukuthi wonke umsebenzi wokwakha lesi siphehli, ube usuphothuliwe ngo-2015.


 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kubanjwe inkunzi isitolo sakwa-MTN eGoli

Emizuzwini eyi-17 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Showers late. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-28°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 8-21°C Sunny. Mild. Bloem: 3-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Morning clouds. Mild. PE: 12-17°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...