Bafuna kwenyuke amaholo abeNum

2012-10-26 12:01

Johannesburg - Inyunyana yabasebenzi iNational Union of Mineworkers iveze ukuthi izoqhubeka nokulwela ukuthi abavukuzi banyuselwe amaholo, uma nje kuqala izingxoxo ngonyaka ozayo, kubika i-Eyewitness News.

Inyunyana yakwazi ukuphoqa umqashi ukuthi enyuse amaholo ngo-11% kuya ku-20.8%, ngesikhathi kuqhubeka isiteleka esingagunyaziwe emasontweni edlule.

INUM ichaze lokhu kwenyuswa kwamaholo njengomvuzo ovele ufanele abasebenzi, ithi angeke ize izithambise uma kuqala phansi izingxoxo ngenyanga kaJanuwari.

Okhhulumela iyunyana uLesiba Seshoka uthi ukufuna kwabo ukwenyuselwa amaholo, kuhambisana nokwenyuka kwezidingo zempilo.

“Silindele ukuthi umqashi anyuse amaholo ngemali abantu abazokwazi ukuziphilisa ngayo."




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Mild. Pta: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C Sunny. Mild. Bloem: 12-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-23°C Rain showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-22°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...