Bafuna imali engcono abakwaDairyBelle eN West
2013-01-14 16:42
Johannesburg - Abasebenzi bakwaDairyBelle, eNorth West, kulindeleke ukuthi bangene emgwaqeni babhikishe ngenhloso yokuphoqa umqashi ukuthi abenyusele amaholo, kusho umfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi iCongress of SA Trade Unions.
"Isiteleka sesingene enyangeni yesibili, kuze kube manje umqashi akazixaki ngezimfuno zabasebenzi," kusho uNobhala womfelandawonye esifundazweni uSolly Phetoe.
Abasebenzi bangena esitelekeni ngenyanga kaDisemba, befuna ukwenyuselwa amaholo, isiteleka samiswa ngesikhathi samaholidi, kulindeleke siqale futhi ngoLwesithathu.
Kulindeleke ukuthi uPhetoe akhulume nabasebenzi efemini yakwaDairyBelle, eBloemhof ngoLwesibili, ekuseni.
UPhetoe uthi abasebenzi angeke bayamukele imali engaphansi kuka-R800.
Okhulumela inkampani uGerrit Oosthuizen uthe imali izokwenyuswa ngamaphesenti amathathu, okusho ukuthi izokuba ngu-R266.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).