Babuyele emsebenzini abasemapulazini

2013-01-23 14:05

Cape Town - Abasebenzi basemapulazini eWestern Cape, bahloniphe umyalelo wokuthi babuyele emsebenzini, kulandela isiteleka esinodlame, kusho abakwa-Agri Wes-Cape.

"Umsebenzi uyaqhubeka kuzona zonke izindawo, yize noma igiya liphansi," kusho umkhulumeli wenhlangano uPorchia Adams.

Abasebenzi abaqashwe ngokugcwele, abayisilinganiso esingu-60% bonke babuyele emsebenzini ngoLwesibili.

Abasebenzi basemapulazini aseDe Doorns, yibona ebebengakabuyeli emsebenzini.

UMfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi iCongress of SA Trade Unions (Cosatu), imemezele ngoLwesibili yathi simisiwe isiteleka, nokho kuzokubakhona esingukhukhulelangqoqo esizobanjwa ngasekupheleni konyaka.

Abasebenzi basemapulazini bangena esitelekeni ngonyaka owedlule, befuna ukwenyuselwa amaholo, asuke ku-R69 aye ku-R150 ngosuku.

Isiteleka sama ngesikhathi kuqhubeka amaholi, nokho saphinda saqalwa phansi ngasekuqaleni kwalo nyaka.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Mild. Bloem: 0-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-17°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...