Babuyele emsebenzini abakwa-Ampalts

2012-11-15 12:00

Johannesburg - Abasebenzi bakwa-Anglo American Platinum eRustenburg nasePilanesberg, sebebuyele emsebenzini, kusho inkampani ngoLwesine.

"Inkampani ithokozile ngokubuya kwabasebenzi, abaphathi bazohlangana nabo kungekudala," kusho okhulumela inkampani uMpumi Sithole.

USithole uthe okwamanje abaphathi abalindele lutho olutheni kubasebenzi, njengoba kuyisonto labo lokuqala emsebenzini, uthe kuzoqala uhlelo lokuqeqeshwa kwabo baqeqeshelwe ezokuphepha emsebenzini.

"Siyacabanga ukuthi ukuqeqeshwa kwabo kuzothatha isikhathi esiyisonto, bese kuqala kahle umsebenzi.

NgoLwesithathu, abasebenzi bamukele ibhonasi ka-R4 500 kanye nokwenyuswa kwamaholo ngo-R600, kusho inyunyana yabasebenzi iNational Union of Mineworkers.

Kulindeleke ukuthi inyunyana ihlangane nabaqashi ngoLwesine bese kuqinisekiswa isivumelwano.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Morning clouds. Mild. Pta: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-26°C Rain early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-27°C a few showers. Afternoon clouds. Warm. PE: 16-20°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...