Baboshiwe abasolwa ngokukhumulisa abavukuzi
2012-11-06 14:01
Johannesburg - Abantu abahlanu sebeboshiwe mayelana nezinsolo ezithi baphoqe abasebenzi abane basenkampanini i-Anglo American's Amandelbult, ukuthi bakhumule babe nqunu, kusho amaphoyisa aseLimpopo, ngoLwesibili.
"Baboshwe mhla lulunye kuNovemba, bavela ngakusasa. Babhekene necala lokushaya ngenhloso yokulimaza, ukuhlukumeza nelinye lokuhlangana ngaphandle kwemvume," kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel
Ronel Otto.
INkantolo yeMantshi yaseNortham, isazoqhamuka nesinqumo, imibiko yabezindaba ithi abeSA Human
Rights Commission bazophenya ngezinsolo ezithi abasebenzi ababengasiyo ingxenye yesiteleka baphoqwa ukuthi bahambe nqunu, kuthiwa izithombe zabo zasatshalaliswa ezinkundleni zokuxhumana.
"Siyikhomishana siyalulandela lolu daba," kusho okhulumela iSAHRC u-Isaac Mangena, etshela abezindaba zeSAfm.
"Sicele uphiko lwethu oluseLimpopo ukuthi lulandele lolu daba lwabavukuzi, sicela namaphoyisa ukuthi nawo enze uphenyo ngoba lokhu okwenzekile kuphambene nomthetho."
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA