Azoqhubeka ehle amandla erandi - Usomnotho

2012-11-22 14:01

Johannesburg - Kulindelee ukuba irandi liphinde lehle njengoba kubhekwe emaholidini kaDisemba, kanti lokhu kungase kuqhubeke kuze kube unyaka ozayo, kusho usomnotho ngoLwesine.

Irandi liphelelwe amandla kuleli sonto ngendlela engakaze ibonakale eminyakeni emine, kumanje lilingana no- R9 uma liqhathaniswa nedola laseMelika.

Inhloko yezomnotho kwa-Standard Bank uGoolam Ballim, uthe irandi lingase lintenge kakhulu njengoba kubhekwe ngasekupheleni konyaka kuze kube unyaka ozayo.

Uphinde wathi ukwehla kwamandla erandi kungase kudale ukwenyula kwamanani ezinto.

"Lokhu kusho ukuthi kuzoba nokwenyuka kwamanani kagesi, intela, kanye nezinye izinto eziyizidingo," kusho uBallim.

UBallim uthe lesi simo singaholela kube nobubha njengoba abadla imbuya ngothi kuyibona abazoshayeka kakhulu.

"Lokhu kukhombisa ukuthi kungenzeka ukuba iNingizimu Afrika iyehluleka ukumelana nezomnotho emphakathini," kusho uBallim.
 


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 14-27°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Showers late. Mostly cloudy. Mild. PE: 16-19°C a few showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...