Azokwenyuka amaholo abasebenza ngamalahle

2012-11-07 14:04
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Abemboni yamalahle basayine isivumelwano sokwenyuswa kwamaholo abasebenzi ngoLwesithathu, isivumelwano sisayinwe yizinyunyana ezihlanganisa iNational Union of Minewokers, iSolidarity yi-Uasa kanjalo neChamber of Mines.

Abasebenzi abasemazingeni aphansi bazokwenyuselwa amaholo ngamaphesenti amahlanu, kusho uNobhala Jikelele weNUM uFrans Baleni.

Abasebenzi bazophinde bagixabezwe kube kanye, ngesamba esingu-R2000, lokhu kuzokwenzeka kuzona zonke izimayini zamalahle ezingaphansi kweChamber of Mines.

UBaleni uthe ukunikwa kwabasebenzi le mali, kungenye yezindlela zokuzama ukuqinisa ukwethembana nokusebenzisana.

Inkampani i-Exxaro inqume ukuthi esikhundleni sokunika abasebenzi isamba esingu-R2 000, okungenani izokwenyusa amaholo abasebenzi abasemazingeni aphansi, anyuswe go-3% kuthi abasemazingeni aphakeme benyuselwe ngephesenti elilodwa.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-24°C Sunny. Mild. Pta: 10-19°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 7-15°C More sun than clouds. Cool. Bloem: 8-20°C More sun than clouds. Mild.
Dbn: 14-23°C Sunny. Mild. PE: 11-24°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...