Azinasisekelo izinsolo ngo-MTN - Ramaphosa

2013-02-01 16:20

Johannesburg - Uphenyo oludonse isikhathi esingangonyaka luyakuphika ukusho kwenkampani yaseTurkish, iTurkcell eyathi kwaba nokugwazela ngesikhathi kuphasiswa umsebenzi wenkampani yezokuxhumana yakwa-MTN

Uphenyo luyikhiphe phambili inkampani yakwa-MTN kanye nalabo ababe beyizikhulu uPhuthuma Nhleko no-Irene Charnley, kusho usihlalo wakwaMTN uCyril Ramaphosa.

"Izinsolo zokugwazela ebezibhekene nezikhulu, azinaso isisekelo," echaza.

Inkampani yezokuxhumana eTurkish yafaka isikhalazo enkantolo yaseMelika ithi abakwa-MTN bathola imvume yokuqhuba umsebenzi, ngoba igwazile.

URamaphosa uthi inkampani yacela iJaji uLord Hoffmann ukuthi aphenye ngalezi zinsolo, bese zethulwa ngaphambi kwebhodi yenkampani.

"Ikomidi likaHoffmann lithi azinaso isisekelo izinsolo zeTurkcell, liqhubeke lathi inkampani isebenze ngendlela efanelekile ingephuli mithetho ebekelwe amabhizinisi.

AbakwaMTN bathi sebelindele ukuthi inkantolo ilichithe leli cala.


 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C Passing showers. More sun than clouds. Cool. Pta: 14-29°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Mostly sunny. Pleasantly warm. Bloem: 14-24°C Scattered showers. Morning clouds. Mild.
Dbn: 19-26°C Afternoon clouds. Mild. PE: 13-20°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...