Ayabuya amabhanoyi akwa-1Time

2012-12-04 16:28

London - Inkampani yamabhanoyi ezinze e-United Kingdom isimemezele ukuthi iphezu kwezingxoxo zokuthi kubuyiswe amabhanoyi akwa1Time, amile ukusebenza kulandela inkinga yezimali.

Abezindaba zakwaBreaking Travel News, babike bathi izingxoxo azikaphothulwa, nokho inkampani iFastjet ihlela ukuthenga izindiza zakwa1Time, ezaziwa ngokubiza kahle abagibeli.

Uma izingxoxo ziphumelela, abakwaFastjet bazokhokha isikweletu sakwa1Time, bese beqhubeka besebenzisa izindiza.
 
Isikhulu esiphezulu enkampanini iFastjet u-Ed Winter uthe uma konke kuphumelela, kungase kuthi kushaya ukhisimusi, zibe seziqalile ukusebenza izindiza.

Inkampani ithi ikhathazekile ngokumba eqolo kwamabhanoyi, njengoba abantu behla benyuka behambela ezinye izindawo.

 



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-27°C Sunny. Warm. Pta: 16-30°C Widely scattered tstorms. More sun than clouds. Warm.
Jhb: 14-25°C Mostly sunny. Warm. Bloem: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-24°C Showers late. Afternoon clouds. Mild. PE: 16-21°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...