Asizwakali isicelo sakwa-Eskom - Umasipala

2013-01-15 16:20

Cape Town - Idolobha laseKapa linokukhathazeka ngelikubiza ngokungacaci kahle kwesicelo sabakwa-Eskom, njengoba befuna imvume yokwenyusa amanani kagesi onyakeni u-2013/14.

Umqondisi eMnyangweni kaGesi uDr Leslie Rencontre, utshele abeNational Electricity Regulator of SA (Nersa), ngoLwesibili, wathi akucacile kahle ngohlelo lwakwa-Eskom, ngemuva kokuthi sebenyuselwe amanani.

AbakwaNersa balalele izimvo zomphakathi ngesicelo senkampani sokwenyusa amanani ngo-16%, ukulalelwa kuqale eKapa.

URencontre uthe ngaphambi kokuthi kuphasiswe lesi sicelo, kumele kukhunjulwe ukwenyuswa kwamanani okwenzeka phakathi kuka-2008 no-2011, wathi kumele kuphinde kucatshwangwe ngosomabhizinisi abancane kanjalo nabantu bonkana.



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-19°C Sunny. Mild. Pta: 14-21°C Scattered showers. Mostly cloudy. Mild.
Jhb: 9-18°C Passing showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 2-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-23°C Mostly sunny. Mild. PE: 13-19°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...