Anyuswe ngo-8% amanani akwa-Eskom
2013-02-28 16:31
Pretoria – Inkampani esabalalisa ugesi i-Eskom inikezwe imvume yokwenyusa amanani ngo-8%, kusho abakwaNational Energy Regulator of SA (Nersa).
"Isinqumo sithathwe kubukwa amaqiniso ahlalukile," kusho usihlalo wakwaNersa uCecilia Khuzwayo, etshela abezindaba ePitoli.
"Amanani azokwenyuka ngo-8% kuze kube yiminyaka emihlanu.”
Abakwa-Eskom bafaka isicelo sokwenyusa amanani ngo-16% isikhathi esiyiminyaka emihlanu.
UKhuzwayo uthi kubalulekile ukuthi abantu bakuqonde ukuthi ukwenyuswa kwamanani kunomthelela wokuguquguquka kwesimo somnotho mhlabeni.
INersa icubungule iziphakamiso nezethulo zezinhlangano ezingaphezu kuka-200, ezamukelwe ezifundazweni eziyisishiyagalolunye zakuleli.
Isikhulu kwiNersa uThembani Buluka, uthi bebengakakhulumi nenkampani ngalokhu kwenyuswa kwamanani, uthi inkampani inalo ilungelo lokuphikisa isinqumo.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).