Angaxhamazeli uhulumeni nge-etoll - Cosatu

2012-10-04 14:04

Johannesburg - Uhulumeni uzobe uyaxhamazela uma ememezela uhlelo lwe-etolling, ekulindeleke luqale emigwaqeni yaseGauteng, kusho umfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi iCosatu, ngoLwesine.

Uma kwenzeka ememezela lolu hlelo, kuyomele izinhlangano eziphikisayo zibuyele emuva zingene emigwaqeni, kusho okhulumela iCongress of SA Trade Unions, uPatrick Craven.

Kulindeleke ikomidi i-Inter-ministerial committee, ngaphansi kweGauteng Freeway Improvement Project, limemezele ukuthi ngempela izohamba kanjani le etolling.

"Ikomidi lizomemezela ngoLwesihlanu ukuthi uhlelo lonke luzohamba kanjani,” kusho umkhulumeli walo uThabo Masebe.

"Ikomidi lihlangane nezinhlaka ezahlukene, ngenhloso yokufinyelela esiphethweni,” echaza.

ISekela likaMengameli wezwe uKgalema Motlanthe, nguye onguSihlalo we-IMC.

UMasebe uthe kunamathemba okuthi lokho okunqunyiwe kuzokwanelisa bonke abantu abathintekayo.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-22°C Sunny. Mild. Bloem: 12-26°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-28°C High level clouds. Warm. PE: 17-26°C Showers late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...