Amathemba ngesasemapulazini

2013-01-11 09:00
Yabelani Shicilela

Cape Town - Abasemapulazi eWestern Cape bangase bafinyelele esivumelwaneni samaholo nenyunyana emele abasebenzi, lokhu kungase kuqede isiteleka esinodlame esiqhubekayo, kusho umbiko.

USihlalo weCape Orchard Group, uGerhard de Kock, omele amapulazi angu-12 eHex River Valley, eDe Doorns utshele abezindaba zakwaSABC wathi babambe umhlangano nabanye abanikazi bamapulazi. 

"Abanikazi bamapulazi esibamemile bathe bazimisele ngokuthi kukhulunywe ngodaba oluthinta amaholo abasebenzi.”

NgoLwesine, kudingakale ukuthi amaphoyise asebenzise ithangi lamanzi, kanjalo nezinhlamvu zenjoloba, ukuzama ukuhlakaza isixuku esinodlame.

Abasebenzi bafuna ukwenyusela amaholo asuke ku-R69 aye ku-R150 ngosuku.

UNobhala wenyunyana iBawsi Agricultural Workers' Union of SA uNosey Pieterse, uthi balinganiselwa ku-6000 basebenzi abangene esitelekeni eDe Doorns.

Imigwaqo eminingi kudingakale ukuthi ivalwe njengoba bekuqhubeka isiteleka.



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- Finance24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-21°C Sunny. Mild. Bloem: 11-25°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 17-28°C Sunny. Warm. PE: 16-23°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...