Akwesekwe imibhikisho ye-etolling - ANCYL
2012-11-28 14:03
Johannesburg - Abantu abasha kumele beseke imibhikisho ehlelelwe ukulwa ne-etolling eGauteng, kusho uphiko lwentsha i-ANC Youth League, ngoLwesithathu.
"Abantu abasha kumele baphume ngobuningi babo ngoLwesihlanu babe yingxenye yemibhikisho ezobhekiswa emiNyangweni kahulumeni, ngenhloso yokulwa ne- etolling," kusho umkhulumeli wophiko uKhusela
Sangoni-Khawe, esitatimendeni.
Uphiko lweseka imibhikisho ehlelwe wumfelandawonye wezinyunyana iCongress of SA Trade Unions, imibhikisho izobanjelwa eGoli naseTshwane.
"Asinakho ukungabaza ukuthi uhlelo lolu luzoqhubeza izinkinga izwe elivele libhekene nazo."
"Kungumsebenzi kahululmeni ukukhokhela imigwaqo, lokho akungatshazwa," kuqhuba uSangoni-Khawe.
Uphiko luthi uhulumeni wamukela izindodla zemali, luthi kumele kube nguye obhekene nomsebenzi wokukhokhela imigwaqo.
Luthi asikho isidingo sokuthi kucindezelwe abahlali abavele babhekene nengcindezi yezidingo ezimba eqolo.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA