Akusolwe abaqashi ngeziteleka - Vavi
2012-10-02 14:02
Johannesburg - Abaqashi yibona kanye ekumele basolwe ngokudlanga kweziteleka ezithe chithi saka ezinodlame, eziqhubeka embonini yezimayini, kusho uNobhala Jikelele womfelandawonye wezinyunyana uZwelinzima Vavi.
"Kumele bonke abantu basole abaqashi ngalezi ziteleka ezenzeka ezimayini," kusho uVavi ekhuluma nezintatheli eGoli.
UVavi ugxeke izikhulu zemayini iMpala Platinum.
"Impala yenza iphutha elikhulu ngesikhathi inyusela ingxenye yabasebenzi ngo-18%, ishiya abanye ngaphandle."
UVavi uthe lokhu kwanyusa amathemba nakwabanye abasebenzi.
"Isimo sonkana simanzonzo futhi lokho akwenziwanga yinyunyana iNational Union of Mineworkers, kwenziwe ngabaqashi,"
kubhoka uVavi.
Abasebenzi bavuke umbhejazana ezimayinii ezihlanganisa i-Anglo
American Platinum (Amplats), Anglogold Ashanti kanjalo neSamancor Chrome
Western Mine.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA