Akunakekelwe abasebenzi - Ramaphosa
2013-01-10 11:01
Cape Town - Iphini elisha likaMengameli we-African National Cobgress, uCyril Ramaphosa, usenxuse abamabhizinisi ukuba baphathe kahle abasebezi babo, kusho umbiko ngoLwesine.
Ekhuluma esidlweni sasekuseni se-ANC samabhizinisi ePort Shepstone, KwaZulu-Natal, uRamaphosa uthe isehlakalo saseMarikana, lapho okwashona khona abavukuzi abangu-34 ngesikhathi bedutshulwa amaphoyisa, kumele sibe yisifundo kwabamabhizinisi.
"Okuningi okungahambanga kahle eMarikana kwadalwa ukuthi izimayini zazingafuni ukucabanga zisabalale," kusho uRamaphosa ongumqondisi weLonmin [JSE:LON], ngokusho kweTimesLive.
URamaphosa uthe izinkampani zezimayini zidinga ukuqonda kahle izimo abasebenzi abahlala ngaphansi kwazo.
"Lapho ebesingenzi kahle khona ukuphucula izimo zokuhlala zabantu, abamabhizinisi kumele babuyele emuva bazibuze umbuzo othi: "yikuphi esingakwenza ukuqinisekisa impucuko yenhlalo yabantu?", " ecashunwa.
URamaphosa wangena enkingeni ngesikhathi ama-e-mail akhe ayewathumela kubaphathi beLonmin ethulwa esidlangalaleni, kuwona wayephakamisa ukuba kuthathwe izinyathelo ezinqala ngesikhathi kuqhubeka isiteleka saseLonmin.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- Finance24