Akukaboshwa muntu ngolwaseHarmony
2012-11-23 08:30
Johannesburg - Amaphoyisa aseGauteng athi asathungatha ababulali babavukuzi ababili emayini yaseHarmony, iKusasalethu ngaseCarletonville.
"Akukaboshwa muntu, kodwa isimo sisazinzile okwamanje," kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Katlego Mogale.
Kubulawe abantu ababili kulesi sigameko kwalimala oyedwa.
Umvukuzi uSithembile Nqulo ngoLwesine uthe lokhu kuhlasela kungenxa yokubhekana ngeziqu zamehlo kwamalungu e-Association of
Mineworkers and Construction Union (Amcu) neNational Union of
Mineworkers (NUM).
"Amalungu e-Amcu abesendleleni eya emhlanganweni wamasonto onke ngesikhathi isigejana seNUM sithi abajoyine inyunyana yabo. Kuthe kusenjalo sezwa ukuqhuma kwesibhamu."
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA