Akubhekwe amanani okudla - Ikhabhinethi
2012-09-21 14:02
Cape Town - IKhabhinethi selicele ikomidi ilangaphakathi longqongqoshe ukuthi libhekisise bese lenza izincomo ngamanani okudla, kulandela ukuguquka kwamanani ngemuva kokuhlasela kwesomiso eMelika.
Ikomidi kulindeleke ukuthi libhekisise uhlelo olwaziwa nge-Integrated Food Security Strategy, kusho isikhulu sesigungu iNational Agricultural Marketing Council uRonald Ramabulane.
"Inkinga ekhona isomiso saseMelika, lesi yisomiso esibi kakhulu kwesike sabonakala eminyekeni engu-30 eyedlule. Lokhu kuzokwenza kwenyuke intengo yembewu kanye nenyama,” ekhuluma etshela abezindaba.
"Yileyo nje inkinga esibhekene nayo, maduzane sizobuyisa impendulo eKhabhinethini kuze kuzokwenziwa izincomo.”
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).