Akongiwe ugesi - Eskom

2012-07-30 10:32

Johannesburg - Isikhondlakhondla senkampani ephakela ngogesi i-Eskom seyinxenxe abahlali baseNingizimu Afrika yathi kumele bazame ukuqhubeka nokonga ugesi njengoba inkampani ibhekene nesidingo esikhulu sokuhanjiswa kwawo.

Usihlalo wenkampani uZola Tsotsi uthe uma ugesi unganakekelwa manje, isizukulwane esizayo sizothwala kanzima.

“Wonke umuntu unendima ekumele ayidlale ekongiweni kukagesi. Uma lokho siqala sikwenza manje, kuyoyovikeleka nekusasa."

UTsotsi ukhulume kanjena ngesikhathi ehlangene nosomabhizinisi ePitoli.

“Sonke siyazi ukuthi ziyashoda izinsiza zokuphehla ugesi, kumele sicabangele isizukulwane esizayo, kumele senze umehluko manje. Abantu abacishe izinto abangazisebenzisi,”  kusho uTsotsi.


  

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Sunny. Mild. Pta: 13-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-24°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 13-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Morning clouds. Mild. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...