Abayizwa eyokunyusa amaholo abanikazi bamapulazi

2012-11-08 10:00

Cape Town - Abanikazi bamapulazi aseDe Doorns, eWestern Cape, bathi angeke balugobe uphondo bavume ukwenyusa amaholo abasebenzi afike ku-R150 ngosuku.

Iphephandaba iCape Times libike lathi izingxoxo ngezindaba ezithinta amaholo, zizophinda ziqale ngoLwesihlanu.

"Kunokuphakama kwemimoya kubantu basendaweni kanjalo nabasebenzi basemapulazini, bafuna ukushubisa isiteleka," kusho uTony Ehrenreich, etshela iphephandaba.

"Lokhu okuqhubekayo kungase kudale inkinga esivunweni samagilebhisi. Kungase kuqubuke nempi njengoba abasebenzi bewotha ubomvu."

Abasebenzi baqale ukuhlangana emgwaqeni uN1, kusukela ngoMsombuluko, babe nempi bashisa namapulazi kwaba khona nababoshwayo.

UNgqongqoshe woMnyango wezeMvelo uGerrit Van Rensburg enoNgqongqoshe woMnyango wezokuPhepha koMphakathi uDan Plato kanjalo noNgqongqoshe wezemiDlalo nezamaSiko u-Ivan Meyer, bathunyelwe kubabhikishi ukuzama ukuyobehlisa ulaka.


 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C High level clouds. Cool. Pta: 2-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-14°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -3-15°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 7-22°C Sunny. Mild. PE: 12-17°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...