Abavukuzi bathi akuboshwe onogada
2012-11-21 14:04
Durban - Yize umsebenzi usuqalile emayini yamalahle yaseCanada eDundee, KwaZulu-Natal, kunokwesabela ukuthi kungase kuqubuke esinye isiteleka kuleya mayini.
Abasebenzi basemayini i-Magdalena ne-Aviemore babuyele ejokeni ngoLwesihlanu ngemuva kwesiteleka esihlobene namaholo.
Abasebenzi ababili bashona ngesikhathi kuqhubeka lesi siteleka ngenyanga eyedlule.
Badutshulwa, nokusolwa onogada, ngemuva kokuyigxoba.
INational Union of Mineworkers ithi abasebenzi bebeqhinqe ngaphakathi ngoLwesibili ngoba besekhona ngaphakathi onogada abasolwa ngokufa kwabavukuzi.
Owale nyunyana uSipho Ndlovu uthe kumele labo abadubula abasebenzi bajeziswe ngendlela efanele.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA