Abatshalizimali basawethemba uCapitec

2014-08-18 14:30

Johannesburg – Isinqumo senhlangano okuyiyo enquma ngezigaba zababolekisi bemali emhlabeni, iMoody, sokwehlisa uCapitec [JSE:CPI] siwalimaze kakhulu amasheya ale nkampani eJSE ngoMsombuluko ekuseni, kodwa ayilahlekelwanga ukwethenjwa ngabatshalizimali

Emini ngoMsombuluko, imboni yezezimali ibisenza kahle kunazo zonke izimboni ezimakethe, nakuba amasheya akwaCapitec ehle ngaphezulu kuka-5%.
 
Imboni yezezibali yenyuke ngo-0.68%  kanti ibenomthelela omuhle ekuqineni kwezimakethi zonke.

Izinkomba zamasheya zenyuke ngo-0.49%  kanti eziphezulu zizuze u-0.53%. 

Izinkomba zinyuke kakhulu ngezikhathi zasekuseni ngesikhathi kuqala ukuhweba zabe sezizinza kancane ngokuhamba kwesikhathi.

Bekulindelekile vele ukuthi amasheya akwaCapitec ahle, ngemuva kwesinqumo sakwaMoody sokwehlisa isigaba sebhange ngenxa yokuthi mancane amathemba okuthi lingase lixhaswe yiBhange loMbuso kulandela izinkinga ezibekhona kwa-African Bank.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- Finance24

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More sun than clouds. Mild. Pta: 14-26°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 12-22°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 9-20°C High level clouds. Mild.
Dbn: 19-22°C Rain showers. Afternoon clouds. Cool. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...