Abasebenzi abebebhikisha bakhala ngonogada

2012-11-27 10:00

Cape Town - Abasebenzi basefemini ethengisa inkukhu iCounty Fair, eStellenbosch bathi badutshulwe ngezibhamu ezikhafula upende ngesikhathi bebhikisha, kusho umbiko ephephandaba iCape Argus.

Abasebenzi bathi badutshulwe ngonogada ngesikhathi beqhuba umbhikisho ngaphandle kwamahhovisi aseMuldersvlei, ngoMsombuluko.

Balinganisela ku-100 abantu ababambe umbhikisho ku-R304, ngaphandle kwamahhovisi, laba bebebhikisha ngokuthula nokho bephethe imishiza, izimvubu kanjalo nezingqwembe.

Abasebenzi bathi baholelwa u-R499 ngesonto, kanti bafuna kwenyuswe amaholo banikwe u-R1 500 ngeviki.

"Kulo nyaka kuthule du ngodaba lokusenyusela amaholo. Asinalutho nabaqashi bathule," kusho omunye wabasebenzi.

Umqondisi kwa-Astral Foods uTheo Delport uthi benza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi umsebenzi ubuyela esimweni esejwayelekile.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-23°C Sunny. Mild. Pta: 22-33°C Showers early. More sun than clouds. Hot.
Jhb: 18-27°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-29°C Scattered showers. More clouds than sun. Warm.
Dbn: 21-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Mild. PE: 18-21°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...