Abantu babazi kahle nge-etolling - Sanral

2012-11-27 14:02

Pretoria - Zonke izinhlaka zomphakathi ezimele abashayeli bezimoto baseGauteng, zabe zazi ngohlelo lwe-etolling, kusho ubufakazi eNkantolo eNkulu ePitoli, ngoLwesibili.

"Izinhlangano zomphakathi zazazi ukuthi kuqhubekani futhi zabatshela abantu ezibamele ngalokho. Babazi kahle kuthi yini eyabe izolandela," kusho uDavid Unterhalter, omele iSA National Roads Agency Limited (Sanral).

"Babethule iminyaka bebukela, bebona kulungiswa imigwaqo....akekho nje kubo owazixaka."

INkantolo yoMthethosisekelo isichithile isicelo sezihlangano sokuthi kumiswe uhlelo lwe-etolling, nokho-ke iNkantolo eNkulu yona iyaqhubeka nokulalela izethulo ngalo lolu daba.

U-Unterhalter utshele inkantolo wathi akekho umuntu owake wabuza imibuzo ngesikhathi kulungiswa imigwaqo kulungiselelwa i-etolling, uthi abantu balinda kwaze kwenziwa isimemezelo ngoFebhuwari ka-2011.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-25°C Sunny. Mild. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-17°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-21°C Mostly sunny. Cool. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...