Abamnyama bayalingana nabamhlophe ku-JSE

2012-12-06 14:02

Johannesburg - Isibalo sabatshalizimali abamnyama kuthiwa siyalingana nesabamhlophe kuJohannesburg Stoc Excghange, kusho ucwaningo.

Ucwaningo lwenziwe ezinkampanini ezingu-100 eziphezulu, ku-JSE. 

"Kulo nyaka kubonakale ukuthi abamnyama nabamhlophe baseNingizimu Afrika, basebenzisa izindlela ezifanayo ekutshaleni izimali zabo, kusho isikhulu ku-JSE uNicky Newton-King.

"Sicabanga ukuthi umnotho wabamnyama uzoqhubeka nokukhula. Ucwaningo luveza kanjalo.”

Uma kubhekisiswa ngokwemigomo ngaphansi kweBlack Economic Empowerment Codes of Good Practice, umnotho wabamnyama ukhule ngo-33%. 

Amabhizinisi amaningi abamnyama abanamasheya kuwo, ngamabhizinisi aphathelene nemihlomulo yezimpesheni, nezinye ezithinta ezezimali.

U-24%  wamasheya, ngowabantu bakuleli.
 

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- Finance24

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-21°C Sunny. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-20°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-27°C Sunny. Warm. PE: 11-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...