Abakwa-SAA bazokwethula uhlelo olusha ePhalamende

2013-02-19 16:49

Johannesburg - Inkampani yezindiza yakuleli ebhekene nezinkinga i-South African Airways, kulindeleke yenze izethulo ngaphambi kwePhalamende, ichaze ngohlelo lwayo lokuzama ukusimamisa inkampani.

Izinkinga zenkampani kuthiwa zingaholela ekutheni kube khona izindiza ezimayo ukusebenza.

Usihlalo webhodi obambile uDudu Myeni uthi uhlelo lolu lungolwesishiyagalolunye, ezinhlelweni esezasungulwa eminyakeni engu-13 edlule.

"Ngesikhathi ibhodi licubungula uhlelo olukhona nobelusebenza kusukela ngo-2000, kuvele ukuthi kunezinye izinhlelo ezikhona ezingasiza, nezaqhamuka nezinye izinkampani. Izinhlelo lezi bezishaywa indiva.”

Ngonyaka owedlule kungazelele muntu, kwasula ezikhundleni, amalungu amaningi ebhodi.

Uhlelo oluzokwethulwa ePhalamende kulindeleke luze noguquko oluzosiza kakhulu inkampani esivame ukucela uxhaso kuhukumeni.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Numerous showers. More sun than clouds. Cool. Pta: 7-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-21°C Sunny. Mild. Bloem: 4-15°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 12-23°C Partly cloudy. Mild. PE: 9-19°C Showery. More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...