Zishonile izivakashi ezigxotshwe yindlovu zishutha

2017-11-13 11:01

Lusaka - Izivakashi amagama azo agodliwe, zishone ngoMgqibelo ngesikhathi zivakashele eMaramba River Lodge edolobheni iLivingstone, eZambia.

"Owesifazane waseBelgium oneminyaka engu-57 ubudala nowesilisa oneminyaka engu-64 ubudala waseNetherlands bashone ngesikhathi besondele kakhulu kwindlovu bezama ukuzithatha izithombe," kusho okhulumela amaphoyisa uDanny Mwale esitatimendeni.

OLUNYE UDABA:Kutholakale isidumbu esigxotshwe yindlovu esiqiwini

UMwale uthe amaphoyisa abesendaweni yesigameko athole izidumbu zidindilize phansi zinenqwaba yamanxeba.

Izigameko ezifana nalezi zijwayeleke ukuba zibikwe eningizimu ye-Afrika.

Abanye abantu sebeke badliwa ngamabhubesi ngesikhathi bezama ukuthatha izithombe nawo.


- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 19-32°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 16-27°C Numerous showers. Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 20-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 22-28°C Showers late. Haze. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...