Zimkhalele umqwayizi ooqwaze ikhasimende kubangwa iqanda

2016-12-10 13:30

Bulawayo - Umqwayizi waseMvurwi ogwaze ikhasimende kubangwa iqanda elibilisiwe uhlulekile ukukhokha imali ahlawuliswe yona ngokuhlasela umuntu.

Umsolwa oneminyaka engu-23 ubudala wahlasela uMoses Mushonga oneminyaka engu-28 ubudala ngomhlaka-17 Novemba endaweni yokucima ukoma iTandarai bar kubangwa iqanda elibilisiwe.

OLUNYE UDABA: Indoda ibanjwe umqwayizi inkunzi

Imantshi yaseNkantolo yeMantshi yaseGuruve yahlawulisa lo mqwayizi imali elinganiselwe kwengu-R1 400 noma izinsuku ezingu-30 ejele.

Lo mqwayizi owaziwa ngelikaChipo lahluleka ukukhokha inhlawulo kanti manje usezovalelwa ejele izinsuku ezingu-30.

   - Bulawayo24

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C Sunny. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Mild. Bloem: -2-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C Morning clouds. Cool. PE: 7-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...