Zimkhalele ubaba 'obulale' indodakazi,3
2017-12-31 10:38
Johannesburg - UKhisimusi uphele kabi emndenini waseMalawi ngesikhathi kushona
usana ngemuva kokuba uyise ehlasele unina.
Ngokomboko weNyasa
Times, uChikumbutso Galu,30, waseGalu village eningizimu yeMalawi uvukwe
ulaka wahlasela umkakhe uPaula Devani,27, ngenxa yokuthi akakwazanga ukuchaza
ukuthi uyenzeni imali abemnikeze yona.
Okhulumela amaphoyisa aseNsanje, uSergeant Agnes Zalakoma,
ucashunwe ethi: “Ngemuva kwengxabano, umyeni uthathe ucelemba efuna ukushaya
ngawo umkakhe.
OLUNYE UDABA: Lishone kabushlungu ikhehla ngoKhisimusi
“Ngeshwa kushayeke indodakazi, egcine ngokushona ngokuhamba
kwesikhathi.”
Ukuhlolwa kwesidumbu kuveze ukuthi usana lubulawe ukopha kakhulu.
“Siyile endaweni yesigameko, sabopha umsolwa ozovela enkantolo
maduzane ngecala lokubulala,” kusho uZalakoma.
- News24