Zimkhalele owesifazane ‘obulale umyeni wakhe ngeqhokisi’

2017-03-20 19:30

Lusaka – Owesifazane waseZambia, oneminyaka engu-32 ubudala, ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngezinsolo zokubulala umyeni wakhe ngokumgqema nge-qhokisi, kusho umbiko.

Ngokusho kombiko weLusaka Times, u-Oliva Kalangwe, 34, ushone ngesonto eledlule ngemuva kokuthi umkakhe emshaye ngesicathulo esinesithende esicijile.

Amaphoyisa asiqinisekisile lesi sigameko, wathi uKalangwe wathola amanxeba ajulile ekhanda nasesiphongweni ngemuva kwalesi sigameko.

UKalangwe kuthiwa wahlaselwa ngunkosikazi wakhe ngomhlaka-26 Febhuwari, wabe eseyovula icala emaphoyiseni, wanikezwa ifomu okwakumele aligcwalise bese elibuyisela kuwo, kepha akangafika.

OLUNYE UDABA: Uvelile unkosikazi obulale umyeni owayemhlalisa nentombi emzini wakhe

Kuthiwa amanxeba akhe abe eseqala ukumxina ngomhlaka-1 Mashi, kwaholela ekutheni angeniswe esibhedlela.

Kwagcina ngokumenela ngomhlaka-9 kwephezulu.

Kwesinye isigameko ngoNovemba wonyaka owedlule, owesifazane wagqema umyeni wakhe ngesikhali esibuthuntu ngaphambi kokumgandaya ngemoto.

Kuthiwa lezi zithandani zaba nengxabano zibamba ukuthi izingane zazo ezimbili zizohlala nobani kwazise zase zihlukanisa emshadweni.

 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-17°C Morning clouds. Cool. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. PE: 11-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...