Zimkhalele osabise umkakhe ngembazo kubangwa i-payslip

2017-05-19 12:29

Bulawayo - Owesilisa wasendaweni yakwaKhumalo kwaBulawayo ufakwe enkantolo ngemuva kokuba esabise ngokushaya umkakhe ngembazo.

Isono sowesifazane kube ngukucela ukubona i-payslip ngesikhathi evakashele umyeni wakhe emsebenzini. USibusiso Ndiweni, 40, ngesikhathi esenkantolo ngoLwesibili, akabuzwanga ukuthi uyalivuma noma uyaliphika yini icala.

Inkantolo imgcine esitokisini kuze kube kuqala ukuthethwa kwecala ngesonto elizayo.

OLUNYE UDABA: Indoda 'yaliwe' yakhetha ukuzilengisa

Inkantolo itshelwe ukuthi ngoMeyi 7 kulo nyaka, ummangali uGrace Kondowa, 41, waya kumyeni wakhe emsebezini eyocela ukuba umyeni wakhe amkhombise i-payslip yakhe entsha.

Umsolwa kuthiwa wabe esemsabisa ngokumshaya ngembazo.

Ummangali wabikela amaphoyisa, waboshwa umsolwa.

Bulawayo24 

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-18°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...