Zimkhalele oklabhe umyeni wakhe ngocelemba kuxatshanwa

2018-03-24 14:10

Blantyre - Amaphoyisa aseMalawi aseqinisekise ukwenzeka kwesigameko esiphethe ngokuthi indoda, 33, ingeniswe esibhedlela iQueen Elizabeth Central Hospital, eBlantyre, ngemuva kokugwazwa wumkayo.

Le ndoda kubikwa ukuthi igwazwe ngunkosikazi wayo esiphongweni kulandela ingxabano ababe nayo emzini wabo, kubika iNyasha Times.

Kuthiwa le ngxabano iqubuke ngemuva kokuthi le ndoda ibe nokungaboni ngasolinye nonkosikazi wayo.

OLUNYE UDABA: Owesilisa osolwa ngokugenca umkakhe ngocelemba

Okhulumela amaphoyisa uPeter Mchiza, uthe uWilson Muhasuwa, ubenengxabano nonkosikazi wakhe uPilirani Musoline, 28, ngodaba oluthinta umndeni kwaze kwaphetha ngokuthi babekane isandla.

UMchiza uthe ngemuva kwale ngxabano, kube sekuliwa, unkosikazi wathatha ucelemba waklabha ngawo umyeni wakhe esiphongweni.

“Unkosikazi uboshiwe kanti kulindeleke ukuba avele enkantolo ngecala lokushaya,” kuqhuba uMchiza.

 

 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...