Zimkhalele obeshutheke amadayimane esithweni sangasese

2016-03-12 08:38

Mutare – Amaphoyisa aseZimbabwe abophe owesifazane obefihle amadayimane angu-86 ephentini nasesithweni sangasese, kusho umbiko ngoLwesihlanu.

Lo wesifazane, 43, uboshwe ngesikhathi kunesivimbamgwaqo empumalanga yezwe eMurate ngeSonto, kusho iphephandaba iManica Post.

UVimbai Munjoma ubesuka emayini yedayimane eseChiadzwa ehamba namadoda ayisihlanu.

OLUNYE UDABA: Kushaqwe amadayimane negolide emngceleni

Amaphoyisa amise imoto abebehamba ngayo ngemuva kokulunywa indlebe ngayo.

"Kutholakale amadayimane angu-16 esikhindini sangaphansi sikaMunjoma," kusho umshushisi uFletcher Karombe.

UMunjoma ube eseyiswa esibhedlela, wafike wakhishwa amadayimane angu-67 esithweni sakhe sangasese.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Mostly sunny. Cool. Pta: 14-27°C Afternoon clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-23°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 8-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 16-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...