Zakheleni ngokwenu imisebenzi - UMengameli

2017-04-10 09:31

Harare – UMengameli Robert Mugabe kubikwa ukuthi ucele abantu baseZimbabwe ukuba baqale ukuzakhela amathuba emisebenzi kunokuba balinde ukuqashwa.

Ngokombiko weNewsDay, lo mholi ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma embukisweni wamabhizinisi amancane enhlokodolobha iHarare ngeledlule.

UMugabe, 93, uthe abantu baseZimbabwe akumele bakhale ngezinga eliphezulu lokuntuleka kwemisebenzi ezweni, ngoba bangaziqalela nje kalula imisebenzi ngokwabo.

OLUNYE UDABA:  Abazali bashaye babulala indodana edla izidakamizwa

"Sifuna abantu bazakhele imisebenzi bangalindi ukuqashwa. Yakhani imisebenzi niqashe abanye abantu, asifuni abantu abavele bakhale ngemisebenzi,” uMugabe ucashunwe esho kanje. 

UMugabe usho  la mazwi ngemuva kwenyanga kubikwe ukuthi uthe abantu baseZimbabwe abashiya leliya lizwe bayizilima ngoba babuya sebengenalutho.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 17-30°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-26°C Rain late. More sun than clouds. Warm. Bloem: 7-26°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-20°C More clouds than sun. Cool. PE: 11-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...