Wathola 'amangqimungqimu' owayecefezela umyeni ngemali

2018-01-25 19:31

Bulawayo - Indoda yaseSkubva, eZimbabwe, eyashaya umkayo imsola ngokuyibangela isicefe ngemali yezidingo zasendlini, ihlawuliswe imali elinganiselwe ku-R1 100.

UPfungwa Jekwa, 36, ulahlwe yicala kulandela ukulivuma phambi kweMantshi uPerseverance Makala ngesikhathi evele enkantolo.

Le ndoda ibibhekene necala lokuhlukumeza umkayo ngaphansi komthetho iDomestic Violence Act.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe izingane ngokubulala uyise ngoba ethathe isithembu

UMbuso uthe uJekwa wacelwa imali yokuba kukhokhelwe izidingo zasendlini, wakhala ngokuthi akanayo.

Kusolakala ukuthi unkosikazi wakhe wayelokhu ebelesele njalo ecela le mali nokuyinto eyamnenga lo mlisa wagcina esethatha isinqumo esingaphusie sokushaya umkakhe.

UJekwa kubikwa ukuthi wacasuka ngokubeleselwa ngemali angenayo wabe eseshaya umkakhe ngesibhakela ebusweni nasesifubeni.

Unkosikazi kaJekwa wabikela amaphoyisa aseSakubva ngokushaywa umyeni wakhe, umyeni zase ziyamkhelela kanjalo.

 - Bulawayo24

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 5-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-21°C Scattered tstorms late. Morning clouds. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...