'Wakhala izinyembezi ehla esikhundleni uMugabe'

2017-11-26 16:16

Harare – Lowo owayengumengameli waseZimbabwe uRobert Mugabe, wakhala washo nokuthi bayamdayisa ngesikhathi evuma ukwehla esikhundleni ngeledlule, kubika iphephandaba iStandard ngeSonto.

UMengameli Emmerson Mnangagwa, ufungiswe ngoLwesihlanu kanti manje sekubhekwe ukuthi ngabe uzoba nohulumeni ohlanganise nalabo abakhethwa uMugabe yini.

Kuthiwa uMugabe wabheka phansi wathi abantu bafana nonwabu.

OLUNYE UDABA: UMugabe uthole isamba semali ngengengxenye yesivumelwano

ISunday Mail icaphune uFidelis Mukonori ethi amehlo kaMugabe agcwala izinyembezi ngesikhathi esayina incwadi yokwesula.

UMugabe wesule esikhundleni ngemuva kweminyaka engu-37 eqhoqhobele izintambo zombuso esezibanjiswe uMnangagwa.

- Reuters

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...