VIDEO: Zimkhalele owabukisa ngentombi ayibamba ilele nomyeni wakhe

2017-01-21 18:30

Harare – Sekuvele imibiko ethi usekhalelwe ngamasongo kaSigonyela owesifazane waseZimbabwe owahambisa nqunu intombazane ayibamba ilele nomyeni wakhe.

Ngemuva kwalokho kuthiwa wabe eseyiphoxa ukuba iwashe izingubo zakhe zokulala, inqunu, kubika iBulawayo24.com.

Kulesi sigameko okusolakala ukuthi senzeka eGwanda, kukhona ababeqopha konke okwakwenzeka, kwase kusatshalaliswa i-video.

Lona wesifazane uzwakala kule video eyalela le ntombazane ukuba iwashe “izingubo zakhe”, uze ayibuze nokuthi ayizisabi yini izifo nokuthi ngabe iyayisebenzisa nje ikhondomu uma besocansini.

“Ngithe washa izingubo zami wena, ungazongijwayela kabi. Uyahlanya kanti,” kuzwakala lo wesifazane ebhoka ngolaka ebhekise kule ntombazane.

Kokunye ubuye azwakale ebuza inombolo yamaphoyisa nokuthi le ntombazane ayibazi yini ontanga yayo ize igxumele umyeni wakhe.

Buka nansi i-video ngezansi:

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-19°C Mostly sunny. Cool. Pta: 14-26°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 12-24°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 16-25°C Rain late. More sun than clouds. Mild.
Dbn: 22-27°C Drizzle. Afternoon clouds. Warm. PE: 16-21°C Showers late. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...