VIDEO: UMengameli etabalasa enyuka izitebhisi

2017-05-19 14:02

Harare – Sekusabalale i-video eveza uMengameli waseZimbabwe uRobert Mugabe enyuka kanzima izitebhisi ezincane eNational Heroes's Acre, eHarare.

I-video isanda kuthwetshulwa yi-SABC emngcwabeni kalowo owayeyinhloko yamajaji uGodfrey Chidyausiku.

Kwi-video kuvela uMugabe, 93, etabalasa ukwenyuka izitebhisi, enyuka ebambelela ngezandla zombili ezinsimbimi eziseceleni.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele osolwa ngokwesabisa umkakhe ngembazo kubangwa i-payslip

Ngokombiko weZimbabwe Independent, i-video isisuse ukuphikisana ngesimo sempilo kaMengameli nangokuguga kwakhe.

Ngasekuqaleni kwesonto imibiko icaphune imithombo esondelene nomndeni kaMengameli ithi isimo sempilo kaMugabe asisihle neze futhi nomkakhe uGrace ukhathazekile.

Isikhulu esisondelene nomndeni kaMengameli sadalula ukuthi nesimo somqondo kaMugabe asisesihle.

UMugabe ubeseSingapore ngeledlule eyohlolwa isimo sempilo yakhe.

Buka i-video ngezansi

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-24°C Sunny. Mild. Pta: 15-30°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Mostly sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...