Video: Isela lihluleke lancama ukususa iTV ekhanda

2016-02-25 12:30

Busia – Kushaqeke izakhamizi osolwa ngokuba yisela endaweni yaseBusia, ngasemngceleni wase-Uganda nezwe laseKenya, ehluleka ukwehlisa umabonakude ekhanda abewebe kusomabhizinisi wase-Uganda.

Umsolwa kuthiwa uyisela elidumile endaweni, kanti ucushwe ngomuthi ngemuva kokuntshontsha.

Kuthiwa lo mlisa waseKaliwa Village, eBusia eKenya, uwelele e-Uganda wafike wantshontsha umabonakude kanye nezinye izimpahla zikagesi.

Funda nalolu daba: Umzukulu ezinsolweni zokudlwengula ugogo wakhe

UCharles Ogutu, ongumnikazi we-TV, uthe ubonekungcono ayesangomeni ngemuva kokulahlekelwea yimpahla yakhe.

"Isangoma singinike amahora angu-24, sathi sizombamba ngoLwesithathu ekuseni owebile. Nangempela simbambe [ngoLwesithathu] ekuseni, kusho u-Ogutu etshela iKTN.

Kuze kwasiza sona isangoma ukuze isela likwazi ukwehlisa iTV ebisinamathele ekhanda, ingasasuki.

Buka i-video ngezansi:


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...