"Uzolungenela ngisho esesethuneni ukhetho uMugabe"

2017-02-18 11:21

Buhera – Unkosikazi kaMengameli waseZimbabwe, uGrace Mugabe, kubikwa ukuthi uthe uma umyeni wakhe uRobert Mugabe, 92, eshona, iqembu elibusayo,iZanu-PF, lizofaka isidumbu sakhe kube yisona esingenela ukhetho.

Ngokwemibiko yabezindaba, uGrace ukusho lokhu eralini ebiseBuhera.

"Uma uMugabe eshona, sizofaka isidumbu sakhe kube yisona esizongenela ukhetho ukukhombisa ukuthi abantu bayamthanda,” kucashunwa uGrace.

OLUNYE UDABA: Uhlasele wagwaza 5 wabantu ngemizuzu engu-30

Akukhona okokuqala unkosikazi kaMengameli ethi umyeni wakhe uzobusa ngesho eseshonile.

Ngonyaka odlule, uGrace watshela izinkumbi zabantu ukuthi uMugabe uzoqhubeka nokuhola izwe ngisho esesethuneni.

"Akekho ongangena ezicathulweni zakho,” kushi uGrace ngalesi sikhathi. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-16°C Sunny. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 8-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...