Uzolengiswa owesifazane owabulala ingane

2016-01-29 17:28

Nairobi – Owesifazane waseKenya owahlangana nomfowabo nomngani wakhe bahlela ukuba kubulawe ingane yakhe angayizali enezinyanga ezingu-18 izelwe, usegwetswe esentambo, ngokusho kwemibiko.

U-Elenah Nyambura ugwetshwe kanye nomfowabo, uGeoffrey Njuguna owamsiza ukuba aqashe uPeris Njeri noKenneth Muriithi ukuze kubulawe ingane.

Ngokusho kombiko weThe Star, uMuriithi kuthiwa wakhokhelwa u-KES 80 000 ($8 000) ekhokhelwa nguNyambura ngokubulala ingane, uSheila Wanjiku.

Funda nalolu daba: Usesimeni esibucayi ogwazwe ngumkakhe

Umama kaSheila, u-Eunice Nyawira wayesebenzela uNyambura ngaphambi kokuba ‘amdlele’ unmyeni wakhe, kubika iCitizen TV.

Ingane yashona ngemuva kokugwazwa emqaleni.

Inkantolo ithe bobane abasolwa banecala lokubulala, yabagweba esentambo.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...