Uzohlawula owesilisa owebe inkukhu yowesimame

2017-01-30 18:00

Bulawayo - Indoda yasePlumtree eneminyaka engu-40 ubudala izohlawula ngokweba izinkukhu zowesimame odayisayo.

Le ndoda iyalelwe ukuba ikhokhe imali engango-R410 ngokweba izinkukhu ezimbili ngemuva kukuthi lo wesimame anqabe ukumdayisela ngesikweletu.

UGift Sebele waseMathendele uyalelwe ukuba anikeze uSandra Nyamayaro imali elinganiselwe kwengu-R190 inkukhu ngayinye.

USebele walahlwa yicala lokweba imfuyo ngemuva kokulivuma ngaphambi kweMantshi yeNkantolo yasePlumtree, uTaurai Manwere.

OLUNYE UDABA: Ingane, 8, ishe yashona iphoqwa nguyise ukuba igqume

Imantshi yathi uSebele uzochitha izinsuku ezingu-30 ejele uma ehluleka ukukhipha imali yenhlawulo.

USebele kufanele akhokhele uNyamayaro imali engu-R190 kungashayi umhlaka-31 Januwari kulo nyaka.

 - Bulawayo24

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 7-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-17°C Sunny. Mild. Bloem: -4-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 9-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...