UZodwa Wabantu uyowashaya eBulawayo amavosho

2017-07-19 15:59

Bulawayo – UZodwa Wabantu osanda kuba ngundabamlonyeni kulandela ukubonakala emcimbini iVodacom Durban July egqoke ingubo eveza umzimba, uzoya konandisa eBulawayo, eZimbabwe.

Kuthiwa le ntokazi izovakashela eBulawayo ngale nyanga iyozijuxuza khona njengengxenye yohambo lwayo ivakashela emazweni ahlukahlukene iyoshaya ivosho ebumnandini.

Le ntokazi ogama layo langempela nguZodwa Rebecca Libram, yaqala ukuduma eYadini, eMlazi, ishaya amavosho yaphinde yangakufihla nokuthi iphenti akaligqoki.

Ngokubika kweBulawayo24, kuthiwa le ntokazi izovakashela ikilabhu ebizwa ngokuthi yiClub Connect.

OLUNYE UDABA:Ubukhazikhazi bengqephu emjahweni iDundee July

UZandile Moyo okhulumela le kilabhu uthe: “UZodwa uthe uzwile ukuthi le kilabhu iyona ethandwayo eBulawayo futhi angathanda ukuzozibonela yona ngokwakhe.

"Le kilabhu ihanjelwa kakhulu ngosaziwayo baseZimbabwe kanye nosomabhizinisi," esho.

UMoyo uthi bakhulumile nale ntokazi yaseThekwini futhi ikuqinisekisile ukuthi izofika ibabonise ukuthi bushaywa kanjani ubumnandi eThekwini.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...