Uzobuyiselwa umhlaba umlungu waseZim, njengoba sekuphethe uMnangagwa

2017-12-07 14:00

Rusape – Umlimi omhlophe, owakhishwa epulazini lakhe elisesifundazweni iManicaland eZimbabwe, kubikwa ukuthi ulungiselela ukubuya azolima futhi kulandela isinqumo esithathwe uhulumeni omusha kaMengameli Emmerson Mnangagwa sokuhoxisa isinqumo sokukhishwa kwakhe epulazini.

Amaphoyisa ayehlome ezingovolo aseZimbabwe agasela epulazini likaRobert Smart elingaphandle kwaseRusape ngoJuni, amkhipha kulona.

USmart wayelima i-tobacco nommbila epulazini lakhe kanti kuthiwa wakhishwa kulona ukuze kuzongena umngani kaRobert Mugabe, uBishop Trevor Manhanga.

OLUNYE UDABA: Umile umsebenzi wokulungiswa komuzi wendodakazi kaMugabe

Ukudliwa kwepulazini iLesbury Farm kwenzeka ngemuva kwesikhashana uMugabe etshele abalandeli bakhe eralini ukuthi abalimi abasasele kumele bakhishwe emapulazini abo ukuze kungene kuwona intsha yeZanu-PF kanye nabalandeli bayo abangenawo umhlaba.

Kodwa, ngokombiko weNew Zimbabwe.com, umeluleki kaMengameli Mnangagwa, uChris Mutswangwa, ngoLwesibili uthe uSmart akumele aphazanyiswe emisebenzini ayenzayo.

"Lo mlimi udabuka eZimbabwe, esifundazweni iManicaland," kusho uMutswangwa, ophinde wathi izwe lidinga abantu abazotshala ngqo izimali kulona ukuze kukhule umnotho.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...