Uzobekwa ngokusemthethweni kwesikaMengameli wezwe owayengumdlali webhola

2018-01-22 12:32

Abidjan – Lowo owayengumdlali webhola, uGeorge Weah, uzogcotshwa kwesokuba umengameli waseLiberia omusha ngoMsombuluko.

UWeah oneminyaka engu-51 ubudala walunqoba ngamalengiso ukhetho ngenyanga edlule.

UWeah uthatha izintambo kulowo obengumengameli wokuqala wesifazane e-Afrika, u-Ellen Johnson Sirleaf.

Lona osanda kukhethelwa kulesi sikhundla ubhalele abalandeli bakhe abangaphezu kuka-60 000 kuTwitter ngeSonto ebusuku, wathi: "Ezinyangeni ezizayo, ngokubambisana, kudingeka sisebenzele iLiberia ngokuzikhandla kunakuqala ukuze ikhule.”

OLUNYE UDABA: UMengameli omusha usola unkosikazi kaMugabe 'ngokuhlanya'

Umkhankaso wakhe wawugxile kakhulu ekuthuthukisweni komnotho, kanti intsha ilindelele lukhulu kuyena, ikakhulukazi ukuthi uzokwakha amathuba emisebenzi aqede nobubha.

Khonamanjalo, uMengameli Jacob Zuma ngeke esaba yingxenye yalo mcimbi ozobe useMonrovia.

Ihhovisi likaMengameli limemezele ukuthi uNgqongqoshe wezaManzi nokuthuthwa kwendle uNomvula Mokonyane nguyena ozomela uZuma.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Sunny. Mild. Pta: 18-24°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Jhb: 15-21°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 17-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 22-28°C Rain early. Decreasing cloudiness. Warm. PE: 19-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...